Amahubo 17:9-13 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

9. kubo ababi abangilimazayo,kuzo izitha zokuphila kwami ezingihaqileyo.

10. Bavalelwe ngamanoni abo,bakhuluma ngokuzidla ngomlomo wabo.

11. Noma siyaphi, bayangizungeza;amehlo abo bawabhekisa kukho ukungiwisa phansi emhlabathini.

12. Unjengengonyama ehahela ukubamba,njengebhongo lengonyama elilele ezindaweni ezisithekileyo.

13. Vuka, Jehova, umhlangabeze, umwise phansi;sindisa umphefumulo wami komubi ngenkemba yakho,

Amahubo 17