12. ukuba babazise abantwana babantu izenzo zakho zamandlanenkazimulo yobukhosi bombuso wakho.
13. Umbuso wakho ungumbuso kuze kube phakade;ubukhosi bakho busezizukulwaneni ngezizukulwane.
14. UJehova uyaphasa bonke abawayo,abavuse bonke abathotshisiweyo.
15. Amehlo abo bonke alinda wena;uyabanika ukudla ngesikhathi esiyiso.
16. Uyavula isandla sakho,usuthise ukufisa kwakho konke okuphilayo.
17. UJehova ulungile ezindleleni zakhe zonke,unomusa emisebenzini yakhe yonke.
18. UJehova useduze nabo bonke abambizayo,bonke abambizayo ngeqiniso.