Amahubo 139:6-18 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

6. Ukwazi okunjalo kuyangimangalisa;kuphakeme, anginakufinyelela kukho.

7. Ngiyakuyaphi,ngisuke emoyeni wakho, na?Ngiyakubalekelaphi,ngimuke ebusweni bakho, na?

8. Uma ngikhuphukela ezulwini,wena ulapho;uma ngendlala icansi lami endaweni yabafileyo, nangu wena.

9. Uma ngithabatha amaphiko okusa,ngiye ngihlale emikhawulweni yolwandle,

10. nalapho isandla sakho siyakungihola,esokunene sakho singibambe.

11. Uma bengithi: “Ubumnyama mabungehlele,ukukhanya kube ngubusuku kimi,”

12. ubumnyama bebungayikuba mnyama kuwe,ngokuba ubusuku bebuyakukhanya njengemini,ubumnyama bufane nokukhanya.

13. Ngokuba wena uzenzile izinso zami,wangaluka esiswini sikamame.

14. Ngiyakukubonga,ngokuba ngenziwa ngokwesabekayo nangokumangalisayo;imisebenzi yakho iyamangalisa;umphefumulo wami uyakwazi kahle.

15. Amathambo ami ayengafihlekile kuwe,lapho ngenziwa ekusithekeni,ngibunjwa ezindaweni ezijulileyo zomhlaba.

16. Amehlo akho angibona ngiseyihlule;zonke izinsuku zami zalotshwa encwadini yakho,zanqunywa, lungakafiki nolulodwa kuzo.

17. Imicabango yakho, Nkulunkulu, ingamagugu kimi;bukhulu kangaka ubuningi bayo.

18. Uma bengiyakuyibala,miningi kunesihlabathi;lapho ngivuka, bengiyakuba nawe.

Amahubo 139