4. Ngokuba alikho izwi olimini lwami, Jehova,ongalaziyo ngokupheleleyo.
5. Ungizungezile ngasemuva nangaphambili,wabeka isandla sakho phezu kwami.
6. Ukwazi okunjalo kuyangimangalisa;kuphakeme, anginakufinyelela kukho.
7. Ngiyakuyaphi,ngisuke emoyeni wakho, na?Ngiyakubalekelaphi,ngimuke ebusweni bakho, na?
8. Uma ngikhuphukela ezulwini,wena ulapho;uma ngendlala icansi lami endaweni yabafileyo, nangu wena.
9. Uma ngithabatha amaphiko okusa,ngiye ngihlale emikhawulweni yolwandle,
10. nalapho isandla sakho siyakungihola,esokunene sakho singibambe.