Amahubo 139:4-10 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

4. Ngokuba alikho izwi olimini lwami, Jehova,ongalaziyo ngokupheleleyo.

5. Ungizungezile ngasemuva nangaphambili,wabeka isandla sakho phezu kwami.

6. Ukwazi okunjalo kuyangimangalisa;kuphakeme, anginakufinyelela kukho.

7. Ngiyakuyaphi,ngisuke emoyeni wakho, na?Ngiyakubalekelaphi,ngimuke ebusweni bakho, na?

8. Uma ngikhuphukela ezulwini,wena ulapho;uma ngendlala icansi lami endaweni yabafileyo, nangu wena.

9. Uma ngithabatha amaphiko okusa,ngiye ngihlale emikhawulweni yolwandle,

10. nalapho isandla sakho siyakungihola,esokunene sakho singibambe.

Amahubo 139