Amahubo 136:9-13 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

9. inyanga nezinkanyezi ukuba zibuse ebusuku,ngokuba umusa wakhe umi phakade;

10. owalishaya iGibithe, amazibulo alo,ngokuba umusa wakhe umi phakade;

11. owamkhipha u-Israyeli phakathi kwabo,ngokuba umusa wakhe umi phakade;

12. ngesandla esinamandla nangengalo eyeluliweyo,ngokuba umusa wakhe umi phakade;

13. owahlukanisa kabili uLwandle Olubomvu,ngokuba umusa wakhe umi phakade;

Amahubo 136