Amahubo 135:15-18 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

15. Izithombe zabezizwe ziyisiliva negolide,umsebenzi wezandla zomuntu.

16. Umlomo zinawo, kepha azikhulumi;amehlo zinawo, kodwa aziboni.

17. Izindlebe zinazo, kepha azizwa,nomoya awukho emlonyeni wazo.

18. Abazenzayo bayafana nazo,bonke abazethembayo.

Amahubo 135