Amahubo 135:10-19 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

10. Washaya izizwe ezinkulu,wabulala amakhosi anamandla:

11. uSihoni inkosi yama-Amori,no-Ogi inkosi yaseBashani,nemibuso yonke yaseKhanani.

12. Wanika izwe labo laba yifa,laba yifa lika-Israyeli, isizwe sakhe.

13. Jehova, igama lakho limi phakade;isikhumbuzo sakho, Jehova, sisezizukulwaneni ngezizukulwane.

14. Ngokuba uJehova uyakwahlulela abantu bakhe,ahawukele izinceku zakhe.

15. Izithombe zabezizwe ziyisiliva negolide,umsebenzi wezandla zomuntu.

16. Umlomo zinawo, kepha azikhulumi;amehlo zinawo, kodwa aziboni.

17. Izindlebe zinazo, kepha azizwa,nomoya awukho emlonyeni wazo.

18. Abazenzayo bayafana nazo,bonke abazethembayo.

19. Wena ndlu ka-Israyeli,mbonge uJehova;wena ndlu ka-Aroni,mbonge uJehova.

Amahubo 135