1. Haleluya!Dumisani igama likaJehova;mdumiseni nina zinceku zikaJehova
2. enimi endlini kaJehovaemagcekeni endlu kaNkulunkulu wethu.
3. Dumisani uJehova,ngokuba uJehova muhle;hubelani igama lakhe,ngokuba limnandi.
4. Ngokuba uJehova uzikhethele uJakobe,no-Israyeli ukuba abe yimfuyo yakhe.
5. Impela ngiyazi ukuthi uJehova mkhulunokuthi iNkosi yethu iphezu kwabo bonke onkulunkulu.
6. Konke uJehova akuthandayo uyakwenzaezulwini nasemhlabeni,emanzini nasezinzulwini zonke.