29. Susa kimi indlela yamanga,ungiphe ngomusa umthetho wakho.
30. Ngikhethile indlela yeqiniso;izahlulelo zakho ngizibekile phambi kwami.
31. Ngibambelele ebufakazini bakho;ungangijabhisi, Jehova.
32. Ngiyakugijima ngendlela yemiyalo yakho,ngokuba uyakwandisa inhliziyo yami.