Amahubo 119:140-156 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

140. Izwi lakho licwebile kakhulu;ngalokho inceku yakho iyalithanda.

141. Ngimncane, ngidelelekile;iziyalezo zakho angizikhohlwa.

142. Ukulunga kwakho kungukulunga okuphakade;umthetho wakho uyiqiniso.

143. Ukuhlupheka nosizi kungehlele;imiyalo yakho iyintokozo yami.

144. Ukulunga kobufakazi bakho kumi phakade;ngiphe ukuqonda ukuba ngiphile.

145. Ngikhala ngenhliziyo yami yonke;ngizwe, Jehova;izimiso zakho ngiyakuzigcina.

146. Ngikhala kuwe, ngisindise;ngiyakugcina ubufakazi bakho.

147. Ngiyandulela uvivi lokusa ngikhala;ngiyethemba amazwi akho.

148. Amehlo ami ayandulela imilindo yobusukuukuba ngizindle ngezwi lakho.

149. Yizwa izwi lami ngokomusa wakho, Jehova,ungiphilise ngokwezahlulelo zakho.

150. Bayasondela abalandela ukonakala;bakude nomthetho wakho.

151. Wena Jehova useduze;imiyalo yakho yonke iyiqiniso.

152. Kudala ngazile ngobufakazi bakhoukuthi ubusekele kuze kube phakade.

153. Bheka ukuhlupheka kwami, ungikhulule,ngokuba angikhohlwa umthetho wakho.

154. Mela indaba yami, ungihlenge,ungiphilise ngokwezwi lakho.

155. Ukusindiswa kukude nababi,ngokuba abafuni izimiso zakho.

156. Ububele bakho, Jehova, bukhulu;ngiphilise ngokwezahlulelo zakho.

Amahubo 119