Amahubo 115:5-17 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

5. Umlomo zinawo, kepha azikhulumi;amehlo zinawo, kepha aziboni.

6. Izindlebe zinazo, kepha azizwa;zinamakhala, kepha azihogeli.

7. Zinezandla, kepha aziphathi;zinezinyawo, kepha azihambi;azikhulumi ngomphimbo wazo.

8. Abazenzayo bayafana nazo,bonke abazethembayo.

9. Israyeli, themba kuJehova;yena ulusizo lwabo nesihlangu sabo.

10. O wena ndlu ka-Aroni,themba kuJehova;yena ulusizo lwabo nesihlangu sabo.

11. Nina enimesabayo uJehova thembani kuJehova;yena ulusizo lwabo nesihlangu sabo.

12. UJehova usikhumbulile; uyakubusisa,abusise indlu ka-Israyeli,abusise indlu ka-Aroni.

13. Uyakubusisa abamesabayo uJehova,abancane nabakhulu.

14. UJehova uyakunandisa,nina nabantwana benu.

15. Manibe ngababusisiweyo bakaJehovaowenzile izulu nomhlaba.

16. Izulu liyizulu likaJehova,kepha umhlaba wawunika abantwana babantu.

17. Abafileyo abamdumnisi uJehova,qha, noyedwa kwabehlelayo ekuthuleni.

Amahubo 115