15. Manibe ngababusisiweyo bakaJehovaowenzile izulu nomhlaba.
16. Izulu liyizulu likaJehova,kepha umhlaba wawunika abantwana babantu.
17. Abafileyo abamdumnisi uJehova,qha, noyedwa kwabehlelayo ekuthuleni.
18. Kepha thina siyakumbonga uJehovakusukela kulesi sikhathi kuze kube phakade.Haleluya!