26. Ngalokho waphakamisa isandla sakhe ngakuboukuba abawise ehlane,
27. awise nenzalo yabo phakathi kwabezizwe,abahlakaze emazweni.
28. Bazihlanganisa noBali Peyori,badla okuhlatshelwe abafileyo.
29. Bamcunula ngezenzo zabo;kwabhoboka isifo phakathi kwabo.
30. Wayesesuka uFinehasi, wahlulela;saphela isifo;
31. lokhu wakubalelwa njengokulungaezizukulwaneni ngezizukulwane kuze kube phakade.
32. Bamcunula ngasemanzini aseMeriba;kwaba kubi kuMose ngenxa yabo.