Amahubo 105:39-45 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

39. Wendlala ifu lokubasibekela,nomlilo wokukhanyisa ebusuku.

40. Bacela, waletha izigwaca,wabasuthisa ngesinkwa sasezulwini.

41. Wavula idwala,kwampompoza amanzi,agobhoza emahlane njengomfula.

42. Ngokuba wakhumbula izwi lakhe elingcweleno-Abrahama inceku yakhe.

43. Wayesekhipha abantu bakhe ngokujabula,abakhethiweyo bakhe ngokuthokoza.

44. Wabapha amazwe abezizwe,badla isithelo somsebenzi wabantu

45. ukuba baqaphele izimiso zakhe,bagcine imithetho yakhe.Haleluya!

Amahubo 105