Amahubo 105:36-38 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

36. Washaya namazibulo onke ezweni lakubo,okokuqala kwamandla abo.

37. Wayesebakhipha benesiliva negolide,kungekho ontengezelayo emindenini yakubo.

38. IGibithe lajabula ekuphumeni kwabo,ngokuba ukwesaba kwabehlela.

Amahubo 105