Amahubo 105:21-29 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

21. Wamenza umphathi wendlu yakhenenduna yezinto zakhe zonke,

22. ukuze abophe izikhulu zakhe ngokuthanda kwakhe,afundise amalunga akhe ukuhlakanipha.

23. U-Israyeli wayesefika eGibithe,uJakobe wagogobala ezweni likaHamu.

24. Wandisa kakhulu abantu bakhe;wabenza babe namandla kunezitha zabo.

25. Wayiguqula inhliziyo yabo ukuba bazonde abantu bakhe,baphathe izinceku zakhe ngobuqili.

26. Wathuma uMose inceku yakhe,u-Aroni abemkhethile.

27. Benza phakathi kwabo izibonakaliso zakhenezimangaliso ezweni likaHamu.

28. Wathuma ubumnyama,wenza kwaba mnyama,kepha baphambana namazwi akhe.

29. Waphendula amanzi abo aba yigazi;wabhubhisa izinhlanzi zabo.

Amahubo 105