Amahubo 104:9-14 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

9. Umisile umncele ukuba angaweqi,angabuyi ukusibekela umhlaba.

10. Uthumela imithombo ezigodini;yona igijima phakathi kwezintaba.

11. Iyaphuzisa izilwane zonke zasendle,izimbongolo zasendle zicime ukoma kwazo.

12. Izinyoni zezulu zakhile ngakuyo,zizwakalisa izwi lazo phakathi kwamagatsha.

13. Uphuzisa izintaba okuvela emakamelweni akhe;umhlaba uyaneliswa yisithelo semisebenzi yakho.

14. Uhlumisela izinkomo utshaninemifino yokusiza umuntu,ukuze aveze ukudla emhlabeni,

Amahubo 104