Amahubo 104:2-9 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

2. ogqoka ukukhanya njengengubo,oweneka izulu njengendwangu;

3. obeka imishayo yezindlu zakhe emanzini,owenza amafu abe yinqola yakhe,ohamba ngamaphiko omoya;

4. owenza izingelosi zibe yimimoya,izikhonzi zakhe zibe yilangabi lomlilo.

5. Umisile umhlaba phezu kwezisekelo zawo,ukuze ungazanyazanyiswa kuze kube phakade naphakade.

6. Wawumboza ngolwandle njengengubo;amanzi ema phezu kwezintaba.

7. Ngokukhuza kwakho abaleka,ngezwi lokuduma kwakho ashesha asuka.

8. Enyuka izintaba, ehla izigodi,aze afika endaweni owawuyimisele wona.

9. Umisile umncele ukuba angaweqi,angabuyi ukusibekela umhlaba.

Amahubo 104