Amahubo 104:18-22 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

18. Izintaba eziphakemeyo ngezezimbuzi zasendle;amawa ayisiphephelo sezimbila.

19. Wenza inyanga ibe ngeyokwahlukanisa izikhathi;ilanga liyazi ukushona kwalo.

20. Wenza ubumnyama kube ngubusuku;phakathi kwabo kuphuma izilo zonke zasehlathini.

21. Izingonyama ezintsha zibhongela impango,zifuna ukudla kwazo kuNkulunkulu.

22. Liphuma ilanga,bese zibuyela phansi zilale emihumeni yazo.

Amahubo 104