Amahubo 103:11-19 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

11. Ngokuba njengokuphakama kwezulu phezu komhlabaunjalo umusa wakhe phezu kwabamesabayo.

12. Njengokuba impumalanga yahlukene nentshonalanga,udedisile kangaka kithi iziphambeko zethu.

13. Njengoyise ehawukela abantwana bakhe,kanjalo uJehova uyabahawukela abamesabayo.

14. Ngokuba uyakwazi ukubunjwa kwethu;uyakhumbula ukuthi siluthuli.

15. Izinsuku zomuntu zinjengotshani;uyakhahlela njengembali yasendle.

16. Ngokuba umoya uyadlula phezu kwayo, bese yinyamalala,nendawo yayo ingabe isayazi.

17. Kepha umusa kaJehova uphezu kwabamesabayo kwaphakade kuze kube phakade,nokulunga kwakhe kubantwana babantwana,

18. kubo abagcina isivumelwano sakhebekhumbula iziyalezo zakhe ukuba bazenze.

19. UJehova umisile isihlalo sakhe sobukhosi ezulwini;nombuso wakhe ubusa phezu kwakho konke.

Amahubo 103