Abahluleli 9:22-37 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

22. U-Abimeleki wayeyisikhulu phezu kuka-Israyeli iminyaka emithathu.

23. UNkulunkulu wathuma umoya omubi phakathi kuka-Abimeleki nabantu baseShekemi; abaseShekemi bambhumbuluza u-Abimeleki

24. ukuba ubudlova obenziwe kuwo amadodana angamashumi ayisikhombisa kaJerubali* bufike, negazi labo libekwe phezu kuka-Abimeleki umfowabo owababulala, naphezu kwabaseShekemi abaqinisa izandla zakhe ukuba abulale abafowabo.

25. AbaseShekemi bambekela abaqamekeli eziqongweni zezintaba, baphanga bonke ababedlula kubo ngaleyo ndlela; kwabikwa ku-Abimeleki.

26. Kwafika uGali indodana ka-Ebedi nabafowabo, waya eShekemi; abaseShekemi bamethemba.

27. Baya endle, bavuna izivini zabo, banyathela imivini, bagubha umkhosi, bangena endlini kankulunkulu wabo, badla, baphuza, bamqalekisa u-Abimeleki.

28. UGali indodana ka-Ebedi wathi: “Ngubani u-Abimeleki, ngubani uShekemi, ukuba simkhonze, na? Akasiyo indodana kaJerubali,* noZebule yinduna yakhe na? Khonzani abantu bakaHamori uyise kaShekemi. Thina siyakumkhonzelani yena na?

29. Sengathi laba bantu nga besesandleni sami; bengiyakumsusa u-Abimeleki.” Wathi ku-Abimeleki: “Yandisa impi yakho, uphume.”

30. Lapha uZebule umphathi womuzi ezwa amazwi kaGali indodana ka-Ebedi, kwavutha ulaka lwakhe.

31. Wathuma izithunywa ku-Abimeleki ngobuqili, wathi: “Bheka, uGali indodana ka-Ebedi nabafowabo bafikile eShekemi; bheka, bakuvusela umuzi.

32. Ngalokho vukani ebusuku, wena nabantu abanawe, niqamekele endle;

33. kuyakuthi ekuseni lisaphuma ilanga, uvuke, uhlasele umuzi; bheka, lapho yena nabantu abanye bephuma ukuba balwe nawe, wenze kubo njengokubona kwakho.”

34. U-Abimeleki nabo bonke abantu ababenaye basuka ebusuku, baqamekela iShekemi ngezigaba ezine.

35. UGali indodana ka-Ebedi waphuma, wema esikhaleni sesango lomuzi; u-Abimeleki wayeseqhamuka nabantu ababenaye ekuqamekeleni.

36. Lapho uGali ebona abantu, wathi kuZebule: “Bheka, kwehla abantu eziqongweni zezintaba.”UZebule wathi kuye: “Uyabona amathunzi ezintaba kungathi ngabantu.”

37. UGali wabuye wakhuluma, wathi: “Bheka, kwehla abantu eNkabeni yezwe, esinye isigaba sifika ngendlela ye-oki* lokuhlola imihlola.”

Abahluleli 9