Abahluleli 8:20-22 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

20. Wayesethi kuJetheri izibulo lakhe: “Suka ubabulale.” Kepha umfana kahoshanga inkemba yakhe, ngokuba wesaba lokhu engumfana.

21. Base bethi oZeba noSalimuna: “Suka wena, usihlasele, ngokuba njengendoda anjalo amandla ayo.” Wayesesuka uGideyoni, wababulala oZeba noSalimuna, wathatha izimbedu ezinjengenyanga ezazisezintanyeni zamakamela abo.

22. Abantu bakwa-Israyeli bathi kuGideyoni: “Sibuse, wena nendodana yakho, nendodana yendodana yakho futhi, ngokuba usisindisile esandleni sakwaMidiyani.”

Abahluleli 8