Abahluleli 8:11-24 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

11. UGideyoni wenyuka ngendlela yabahlala ematendeni ngasempumalanga kwaseNoba neJogibeha, wanqoba impi, impi yayithi ilondekile.

12. OZeba noSalimuna babaleka, wabaxosha; wawabamba amakhosi omabili akwaMidiyani, oZeba noSalimuna, wachitha impi yonke.

13. UGideyoni indodana kaJowashi wabuya empini ngasekwenyukeni kweHeresi.

14. Wabamba insizwa yabantu baseSukoti, wabuza kuyo; yona yamlobela izikhulu zaseSukoti namalunga alo, abantu abangamashumi ayisikhombisa nesikhombisa.

15. Wayesefika kubantu baseSukoti, wathi: “Bhekani oZeba noSalimuna enangiswabulela ngabo, nathi: ‘Izandla zikaZeba noSalimuna sezisesandleni sakho ukuba siphe amadoda akho ayethileyo isinkwa na?’ ”

16. Wayesebamba amalunga omuzi, nameva asehlane, namazinyo ezinqola zokubhula, wagalela ngawo abantu baseSukoti.

17. Wawubhidliza umbhoshongo wasePhenuweli, wabulala abantu bomuzi.

18. Wayesesho koZeba noSalimuna, ethi: “Babe njani labo bantu enababulala eThabori na?”Bathi: “Babe njengawe; yilowo nalowo wafana nabantwana benkosi.”

19. Wathi: “Babe ngabafowethu, amadodana kamame. Kuphila kukaJehova, uma benibayekile baphila, bengingayikunibulala.”

20. Wayesethi kuJetheri izibulo lakhe: “Suka ubabulale.” Kepha umfana kahoshanga inkemba yakhe, ngokuba wesaba lokhu engumfana.

21. Base bethi oZeba noSalimuna: “Suka wena, usihlasele, ngokuba njengendoda anjalo amandla ayo.” Wayesesuka uGideyoni, wababulala oZeba noSalimuna, wathatha izimbedu ezinjengenyanga ezazisezintanyeni zamakamela abo.

22. Abantu bakwa-Israyeli bathi kuGideyoni: “Sibuse, wena nendodana yakho, nendodana yendodana yakho futhi, ngokuba usisindisile esandleni sakwaMidiyani.”

23. UGideyoni wathi kubo: “Angiyikunibusa, nendodana yami ayiyikunibusa; nguJehova oyakunibusa.”

24. UGideyoni wathi kubo: “Mangicele okuthile kini ukuba ninginike, kube yilowo nalowo amacici empango yakhe.” Babenamacici egolide, lokhu bebengabakwa-Ishmayeli.

Abahluleli 8