11. UGideyoni wenyuka ngendlela yabahlala ematendeni ngasempumalanga kwaseNoba neJogibeha, wanqoba impi, impi yayithi ilondekile.
12. OZeba noSalimuna babaleka, wabaxosha; wawabamba amakhosi omabili akwaMidiyani, oZeba noSalimuna, wachitha impi yonke.
13. UGideyoni indodana kaJowashi wabuya empini ngasekwenyukeni kweHeresi.
14. Wabamba insizwa yabantu baseSukoti, wabuza kuyo; yona yamlobela izikhulu zaseSukoti namalunga alo, abantu abangamashumi ayisikhombisa nesikhombisa.
15. Wayesefika kubantu baseSukoti, wathi: “Bhekani oZeba noSalimuna enangiswabulela ngabo, nathi: ‘Izandla zikaZeba noSalimuna sezisesandleni sakho ukuba siphe amadoda akho ayethileyo isinkwa na?’ ”
16. Wayesebamba amalunga omuzi, nameva asehlane, namazinyo ezinqola zokubhula, wagalela ngawo abantu baseSukoti.
17. Wawubhidliza umbhoshongo wasePhenuweli, wabulala abantu bomuzi.
18. Wayesesho koZeba noSalimuna, ethi: “Babe njani labo bantu enababulala eThabori na?”Bathi: “Babe njengawe; yilowo nalowo wafana nabantwana benkosi.”
19. Wathi: “Babe ngabafowethu, amadodana kamame. Kuphila kukaJehova, uma benibayekile baphila, bengingayikunibulala.”
20. Wayesethi kuJetheri izibulo lakhe: “Suka ubabulale.” Kepha umfana kahoshanga inkemba yakhe, ngokuba wesaba lokhu engumfana.
21. Base bethi oZeba noSalimuna: “Suka wena, usihlasele, ngokuba njengendoda anjalo amandla ayo.” Wayesesuka uGideyoni, wababulala oZeba noSalimuna, wathatha izimbedu ezinjengenyanga ezazisezintanyeni zamakamela abo.
22. Abantu bakwa-Israyeli bathi kuGideyoni: “Sibuse, wena nendodana yakho, nendodana yendodana yakho futhi, ngokuba usisindisile esandleni sakwaMidiyani.”
23. UGideyoni wathi kubo: “Angiyikunibusa, nendodana yami ayiyikunibusa; nguJehova oyakunibusa.”
24. UGideyoni wathi kubo: “Mangicele okuthile kini ukuba ninginike, kube yilowo nalowo amacici empango yakhe.” Babenamacici egolide, lokhu bebengabakwa-Ishmayeli.