Abahluleli 4:1-3 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

1. Abantwana bakwa-Israyeli babuye benza okubi emehlweni kaJehova, esefile u-Ehudi.

2. UJehova wathengisa ngabo esandleni sikaJabini inkosi yaseKhanani, owabusa eHasori, onduna yempi yakhe yayinguSisera owahlala eHarosheti labezizwe.

3. Abantwana bakwa-Israyeli bakhala kuJehova, ngokuba wayenezinqola ezingamakhulu ayisishiyagalolunye zensimbi; wacindezela kakhulu abantwana bakwa-Israyeli iminyaka engamashumi amabili.

Abahluleli 4