Abahluleli 20:32-43 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

32. Abantwana bakwaBenjamini bathi: “Babulewe phambi kwethu njengakuqala.”Kepha abantwana bakwa-Israyeli bathi: “Masibaleke, sibadonse, baphume emzini, baye emendweni.”

33. Bonke abantu bakwa-Israyeli basuka endaweni yabo, bazihlela eBali Tamari; abaqamekeli bakwa-Israyeli bavumbuluka endaweni yabo eMare Geba.

34. Kweza malungana neGibeya abantu abayizinkulungwane eziyishumi abakhethiweyo kuye wonke u-Israyeli; ukulwa kwakunzima, kepha babengazi ukuthi ingozi isifikile kubo.

35. UJehova wanqoba uBenjamini phambi kuka-Israyeli; abantwana bakwa-Israyeli babulala ngalolo suku kwaBenjamini abayizinkulungwane ezingamashumi amabili nanhlanu nekhulu; bonke labo babehlome inkemba.

36. Base bebona abantwana bakwaBenjamini ukuthi banqotshiwe; abantu bakwa-Israyeli bamdela uBenjamini lokhu bebebethemba abaqamekeli ababebabekile ngaseGibeya.

37. Abaqamekeli bashesha badumela eGibeya; abaqamekeli basuka bachitha umuzi wonke ngosiko lwenkemba.

38. Isiboniso esinqunyiweyo phakathi kwabantu bakwa-Israyeli nabaqamekeli sasiyilesi sokuba bathunqise umusi omkhulu wenyuke emzini.

39. Abantu bakwa-Israyeli babuyela emuva empini; uBenjamini wayeseqalile ukubulala nokuceka kubantu bakwa-Israyeli kungathi abantu abangamashumi amathathu, ngokuba bathi: “Impela babulewe phambi kwethu njengasekulweni kwakuqala.”

40. Kepha lapho sekuqale ukuthunqa insika yomusi emzini, abakwaBenjamini babheka emuva, nanko umuzi wonke uthunqela ngasezulwini.

41. Base bephenduka abantu bakwa-Israyeli, nabantu bakwaBenjamini bashaywa luvalo, ngokuba babona ukuthi behlelwe ngububi.

42. Ngalokho bafulathela phambi kwabantu bakwa-Israyeli, bahamba ngendlela yasehlane, kepha ukulwa kwabalandela; abaphuma emizini bababulala phakathi kwayo.

43. Babahaqa abakwaBenjamini nxazonke, babaxosha, babanyathela phansi endaweni yabo yokuphumula, baze bafika malungana neGibeya ngasempumalanga.

Abahluleli 20