Abahluleli 20:16-25 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

16. Phakathi kwabo bonke labo bantu kwakukhona amadoda angamakhulu ayisikhombisa akhethiweyo angamanxele; onke ayekwazi ukuphonsa amatshe ngisho nasonweleni, engageji.

17. Abantu bakwa-Israyeli ngaphandle kukaBenjamini babalwa baba yizinkulungwane ezingamakhulu amane, amadoda ahlome inkemba; bonke labo babe ngamadoda empi.

18. Abantwana bakwa-Israyeli bavuka, bakhuphukela eBethele, babuza kuNkulunkulu, bathi: “Ngubani oyakusikhuphukelela kuqala ukulwa nabantwana bakwaBenjamini na?”UJehova wathi: “NguJuda kuqala.”

19. Abantwana bakwa-Israyeli bavuka ekuseni, bamisa malungana neGibeya.

20. Abantu bakwa-Israyeli baphuma ukuba balwe noBenjamini; abantu bakwa-Israyeli bazihlelela ukulwa nabo eGibeya.

21. Abantwana bakwaBenjamini baphuma eGibeya, babulala kwabakwa-Israyeli ngalolo suku amadoda ayizinkulungwane ezingamashumi amabili nambili.

22. Abantu, amadoda akwa-Israyeli, baziqinisa, babuye bahlela impi endaweni abazihlela kuyo ngosuku lokuqala.

23. Abantwana bakwa-Israyeli bakhuphuka, bakhala phambi kukaNkulunkulu kwaze kwahlwa; babuza kuJehova, bathi: “Siyakuphinda sisondele ukulwa nabantwana bakwaBenjamini umfowethu na?”UJehova wathi: “Yenyukelani kuye.”

24. Abantwana bakwa-Israyeli basondela kubantwana bakwaBenjamini ngosuku lwesibili.

25. UBenjamini waphuma eGibeya ukuhlangabezana nabo ngosuku lwesibili, wabuye wabulala kubantwana bakwa-Israyeli amadoda ayizinkulungwane eziyishumi nesishiyagalombili; bonke labo babehlome inkemba.

Abahluleli 20