7. Abantu bamkhonza uJehova izinsuku zonke zikaJoshuwa nezinsuku zonke zamalunga asalayo emva kukaJoshuwa, ayebonile wonke umsebenzi omkhulu ayewenzele u-Israyeli.
8. UJoshuwa indodana kaNuni, inceku kaJehova, wafa eneminyaka eyikhulu neshumi.
9. Bammbela emkhawulweni wefa lakhe eThimnati Heresi ezintabeni zakwa-Efrayimi ngasenyakatho kwentaba yakwaGahashi.
10. Naso sonke leso sizukulwane sabuthelwa koyise; savela esinye isizukulwane emva kwaso esasingamazi uJehova nomsebenzi ayewenzele u-Israyeli.
11. Abantwana bakwa-Israyeli benza okubi emehlweni kaJehova, bakhonza oBali;
12. bamshiya uJehova uNkulunkulu wawoyise owabakhipha ezweni laseGibithe, balandela abanye onkulunkulu, onkulunkulu babantu ababebazungeza, babakhothamela, bamcunula uJehova.