20. Lase lithi ixhegu: “Ukuthula makube kuwe; kepha konke okuswelayo makube phezu kwami; kepha ungalali esigcawini.”
21. Lase limngenisa endlini yalo, lazinika izimbongolo ifoliji;* bageza izinyawo zabo, badla, baphuza.
22. Besajabulisa izinhliziyo zabo, bheka, abantu bomuzi, abantu ababi, bahaqa indlu nxazonke, bangqongqotha emnyango; basho kumninindlu, ixhegu, bathi: “Khipha lowo muntu owangena endlini yakho ukuba simazi.”
23. Ixhegu, umninindlu, laphumela kubo, lathi kubo: “Hhayi, bafowethu, ngiyanicela, ningenzi okubi okungako; lokhu lo muntu engenile endlini yami, ningenzi lobu buwula.
24. Bhekani, nansi indodakazi yami, intombi, nesancinza sakhe; ngiyakubakhipha bona manje, nibone, nenze kubo njengokuthanda kwenu; kepha kulo muntu ningenzi ubuwula obunjalo.”
25. Kepha abantu kabavumanga ukumlalela; khona lowo muntu wasibamba isancinza sakhe, wasikhiphela kubo; basazi, basona ubusuku bonke kwaze kwaba sekuseni; ekuthatheni kokusa basiyeka.
26. Owesifazane wayesefika ngovivi lokusa, wawa ngasemnyango wendlu yomuntu, lapho yayikhona inkosi yakhe, kwaze kwakhanya.