12. Inkosi yayo yathi kuyo: “Asiyikuphambukela emzini wabafokazi ongesiwo owabantwana bakwa-Israyeli, kepha siyakudlulela eGibeya.”
13. Yayisithi encekwini: “Woza, sisondele kwenye yalezi zindawo; siyakulala eGibeya noma eRama.”
14. Base bethula bahamba; ilanga lashona bengaseGibeya elingelakwaBenjamini.
15. Baphambukela lapho ukuba bangene, balale eGibeya; wangena, wahlala phansi esigcawini somuzi; ngokuba kwakungekho muntu owabamukela endlini yakhe ukuba balale khona.
16. Bheka, kwafika ixhegu livela emsebenzini walo ensimini kusihlwa; lalingumuntu wasezintabeni zakwa-Efrayimi, lagogobala eGibeya; kepha abantu baleyo ndawo babe ngabakwaBenjamini.
17. Waphakamisa amehlo akhe, wabona isihambi esigcawini somuzi; ixhegu lase lithi: “Uyangaphi na? Uvelaphi na?”
18. Wathi kulo: “Siyadlula sivela eBetlehema Juda, siya ohlangothini olungasemuva kwezintaba zakwa-Efrayimi; ngivela khona; ngaya eBetlehema Juda; sengiya endlini kaJehova, kepha akukho muntu ongamukela endlini yakhe.