Abahluleli 15:16-20 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

16. Wathi uSamsoni:“Ngomhlathi wembongolo ngibulele inqwaba,yebo, izinqwaba ezimbili,ngomhlathi wembongoloabantu abayinkulungwane.”

17. Kwathi eseqedile ukukhuluma, wawulahla umhlathi esandleni sakhe; leyo ndawo yathiwa iRamati Lehi.

18. Wayesomile kakhulu, wakhala kuJehova, wathi: “Wenzile lokhu kukhululeka okukhulu ngesandla senceku yakho; kepha manje sengiyakufa ukoma, ngiwele esandleni sabangasokile.”

19. Kodwa uNkulunkulu wadabula isigoxi esiseLehi, kwaphuma amanzi kuso; lapho esephuzile, umoya wakhe wabuya, wahlumeleleka; ngalokho igama laso labizwa ngokuthi i-Eni Hakore eliseLehi kuze kube namuhla.

20. Wahlulela u-Israyeli ngezinsuku zamaFilisti iminyaka engamashumi amabili.

Abahluleli 15