10. Uyise wehla, waya kulowo wesifazane, uSamsoni wenza idili khona, ngokuba zazenze njalo izinsizwa.
11. Kwathi lapho bembona, baletha abayeni abangamashumi amathathu ukuba babe naye.
12. USamsoni wathi kubo: “Ake ngininike imfumbe; uma ningitshela yona kahle ngezinsuku eziyisikhombisa zedili, niyiqandele, ngiyakuninika amayembe angamashumi amathathu nezingubo zokuphendulela ezingamashumi amathathu;
13. kepha uma ningenakuyiqandela kimi, niyakunginika amayembe angamashumi amathathu nezingubo zokuphendulela ezingamashumi amathathu.”Bathi kuye: “Yisho imfumbe yakho ukuba siyizwe.”
14. Wayesethi kubo:“Kodlayo kwaphuma ukudla,konamandla kwavela okumnandi.”Babengenakuyiqandela imfumbe ngezinsuku ezintathu.
15. Kwathi ngosuku lwesikhombisa bathi kumkaSamsoni: “Yenza umyeni wakho ukuba asichasisele imfumbe, funa sikushise wena nendlu kayihlo ngomlilo; nisimemele ukuba nisidle na? Akunjalo na?”
16. UmkaSamsoni wakhala phambi kwakhe, wathi: “Uyangizonda kuphela, awungithandi; unikile abakithi imfumbe, awungitshelanga yona.”Wathi kuye: “Bheka, angibatshelanga ubaba nomame, ngiyakukutshela wena na?”
17. Wakhala phambi kwakhe izinsuku eziyisikhombisa, lisekhona idili labo; kwathi ngosuku lwesikhombisa wayesemtshela, ngokuba wamcindezela kakhulu; wayisho imfumbe kwabakubo.
18. Abantu bomuzi bathi kuye ngosuku lwesikhombisa, lingakashoni ilanga:“Kuyini okumnandi kunezinyosi?Kuyini okunamandla kunengonyama na?”Wathi kubo:“Uma beningalimanga ngesithokazi sami,ngabe ningayiqandelanga imfumbe yami.”
19. UMoya kaJehova wafika kuye ngamandla, wehlela e-Ashikeloni, wabulala abantu abangamashumi amathathu kubo, wathatha isambatho sabo, wabanika abayiqandele imfumbe izingubo zokuphendulela. Intukuthelo yakhe yavutha, wenyukela endlini kayise.
20. Kepha umkaSamsoni wanikwa kumngane wakhe owabe ngomunye wabayeni bakhe.