18. Ingelosi kaJehova yathi kuye: “Ubuzelani igama lami, lokhu liyimfihlakalo, na?”
19. UManowa walithatha izinyane lembuzi kanye nomnikelo wempuphu, wanikela ngakho kuJehova edwaleni. Yase yenza okumangalisayo, uManowa nomkakhe bebukela.
20. Kwathi ilangabi lisaphuma e-altare lenyukela ngasezulwini, ingelosi kaJehova yenyuka elangabini le-altare; uManowa nomkakhe babukela; bawa ngobuso emhlabathini.
21. Kepha ingelosi kaJehova ayiphindanga ukubonakala kuManowa nomkakhe. Khona uManowa waqonda ukuthi yingelosi kaJehova.
22. UManowa wathi kumkakhe: “Siyakufa nokufa, ngokuba simbonile uNkulunkulu.”
23. Kepha umkakhe wathi kuye: “Uma uNkulunkulu ebethanda ukusibulala, nga engamukelanga esandleni sethu umnikelo wokushiswa nomnikelo wempuphu, futhi nga engasibonisanga konke lokho, nga engasitshelanga izinto njengalezi.”
24. Owesifazane wazala indodana, waqamba igama layo ngokuthi uSamsoni; umntwana wakhula, uJehova wambusisa.
25. UMoya kaJehova waqala ukumqhuba eMahane Dani phakathi kweSora ne-Eshitawoli.