Abahluleli 11:38-40 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

38. Wathi: “Hamba.” Wayimukisa izinyanga ezimbili; yamuka yona nabangane bayo, yalilela ubuntombi bayo ezintabeni.

39. Kwathi ngasekupheleni kwezinyanga ezimbili, yabuyela kuyise owenza kuyo njengokwesithembiso sakhe asethembisileyo; ayiyazanga indoda.

40. Kwaba yisimiso kwa-Israyeli ukuba amadodakazi akwa-Israyeli aye yonke iminyaka ukuyitusa indodakazi kaJefta wakwaGileyadi izinsuku ezine ngomnyaka.

Abahluleli 11