9. Abantwana bakwa-Amoni bawela iJordani ukuba balwe noJuda noBenjamini nendlu yakwa-Efrayimi; u-Israyeli wantula kakhulu.
10. Abantwana bakwa-Israyeli bakhala kuJehova, bathi: “Sonile kuwe, ngokuba simshiyile uNkulunkulu wethu, sakhonza oBali.”
11. UJehova wathi kubantwana bakwa-Israyeli: “Anginisindisanga yini kubo abaseGibithe, nakuwo ama-Amori, nakubo abantwana bakwa-Amoni, nakuwo amaFilisti, na?
12. Nacindezelwa ngamaSidoni, nama-Amaleki, namaMahoni, nakhala kimi, nganisindisa esandleni sawo.
13. Nokho ningishiyile, nakhonza abanye onkulunkulu; ngalokho angisayikunisindisa.
14. Hambani nikhale konkulunkulu enibakhethileyo; mabanisindise ngesikhathi sosizi lwenu.”
15. Abantwana bakwa-Israyeli bathi kuJehova: “Sonile; yenza kithi okuthandayo; kepha ake usophule kuphela namuhla.”
16. Base besusa onkulunkulu babezizwe phakathi kwabo, bamkhonza uJehova; umphefumulo wakhe wakhathazeka ngokuhlupheka kwabakwa-Israyeli.