Abahluleli 1:27-30 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

27. UManase akaxoshanga abaseBeti Sheyani nemizana yalo, nabaseThahanaki nemizana yalo, nabakhe eDori nemizana yalo, nabakhe eJibileyamu nemizana yalo, nabakhe eMegido nemizana yalo; amaKhanani aphumelela ukuhlala kulelo zwe.

28. Kwathi u-Israyeli esenamandla, bawasebenzisa amaKhanani, kepha abawaxoshanga nokuwaxosha.

29. Naye u-Efrayimi akaxoshanga amaKhanani ayakhe eGezeri; kepha amaKhanani ahlala phakathi kwabo eGezeri.

30. UZebuloni akaxoshanga abakhe eKitroni, nabakhe eNahaloli; kepha amaKhanani ahlala phakathi kwabo, asetshenziswa.

Abahluleli 1