Abahluleli 1:16-25 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

16. Abantwana bomKheni umukhwe kaMose benyuka emzini wamasundu nabantwana bakwaJuda, baya ehlane lakwaJuda elingaseningizimu kwase-Aradi; baya bakha nabantu bakhona.

17. UJuda wahamba noSimeyoni umfowabo, bachitha amaKhanani ayakhe eSefati, baliqothula. Igama lomuzi laliyiHorma.

18. UJuda wathatha iGaza nomkhawulo walo, ne-Ashikeloni nomkhawulo walo, ne-Ekroni nomkhawulo walo.

19. UJehova wayenaye uJuda, waxosha abasezintabeni; wayengenakuxosha kodwa abakhe esigodini, lokhu bebenezinqola zensimbi.

20. Bamnika uKalebi iHebroni, njengalokho ebekhulumile uMose; waxosha khona amadodana amathathu ka-Anaki.

21. Abantwana bakwaBenjamini abawaxoshanga amaJebusi ayakhe eJerusalema, kepha amaJebusi ahlala nabantwana bakwaBenjamini eJerusalema kuze kube namuhla.

22. Kwenyukela eBethele nabendlu kaJosefa; uJehova wayenabo.

23. Abendlu kaJosefa bathuma bahlola iBethele; igama lomuzi laliyiLuze kuqala.

24. Zase zibona izinhloli umuntu ephuma emzini, zathi kuye: “Ake usikhombise intuba yokungena emzini, siyakukwenzela umusa.”

25. Wazikhombisa intuba yokungena emzini, zawuchitha umuzi ngosiko lwenkemba; kepha zamvumela lowo muntu nomndeni wakhe ukuba bahambe.

Abahluleli 1