Abahluleli 1:1-8 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

1. Kwathi emva kokufa kukaJoshuwa abantwana bakwa-Israyeli bambuza uJehova, bathi: “Ngubani phakathi kwethu oyakusikhuphukelela kuwo amaKhanani kuqala ukulwa nawo na?”

2. UJehova wathi: “Kuyakukhuphuka uJuda; bheka, ngilinikele izwe esandleni sakhe.”

3. UJuda wayesethi kuSimeyoni umfowabo: “Khuphuka nami, siye esabelweni sami, silwe namaKhanani, nami ngiye esabelweni sakho.” USimeyoni wayesehamba naye.

4. UJuda wakhuphuka; uJehova wanikela esandleni sabo amaKhanani namaPherizi, babulala kuwo abantu abayizinkulungwane eziyishumi eBezeki.

5. EBezeki bafumana u-Adoni Bezeki, balwa naye, bawabulala amaKhanani namaPherizi.

6. Kepha u-Adoni Bezeki wabaleka; bamxosha, bambamba, bamnquma izithupha nawoqukula.

7. Wayesethi u-Adoni Bezeki: “Amakhosi angamashumi ayisikhombisa enqunyiwe izithupha nawoqukula acosha ukudla kwawo phansi kwetafula lami; njengalokho ngenzile, kanjalo uNkulunkulu uphindisele kimi.” Bamyisa eJerusalema, wafela khona.

8. Abantwana bakwaJuda balwa neJerusalema, balithatha, balichitha ngosiko lwenkemba, bathungela umuzi ngomlilo.

Abahluleli 1