3 Kajohane 1:10-15 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

10. Ngalokho uma ngiza, ngiyakumkhumbuza imisebenzi yakhe ayenzayo, esihleba ngamazwi amabi; futhi enganelisiwe nayilokho akabamukeli abazalwane yena, nabavumayo uyabanqabela, abakhiphe ebandleni.

11. Sithandwa, ungalandeli okubi kodwa okuhle. Owenza okuhle ungokaNkulunkulu; owenza okubi akambonanga uNkulunkulu.

12. UDemetriyu ufakazelwa yibo bonke nayilo iqiniso uqobo lwalo; nathi-ke siyafakaza ngaye, wazi nawe ukuthi ukufakaza kwethu kuqinisile.

13. Benginokuningi ebengiyakukulobela khona, kepha angithandi ukukulobela ngoyinki* nosiba;

14. kepha ngiyethemba ukukubona masinyane, sikhulume umlomo nomlomo.

15. Ukuthula makube kuwe. Abahlobo bayakhonza kuwe. Khonza kubo abahlobo ngamagama.

3 Kajohane 1