2 Usamuweli 4:1-2 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

1. Lapho isizwile indodana kaSawule ukuthi u-Abineri ufile eHebroni, izandla zayo zaba buthakathaka, nabo bonke abakwa-Israyeli bakhathazeka.

2. Indodana kaSawule yayinamadoda amabili ayeyizinduna zamaviyo; igama lenye lalinguBahana negama lenye lalinguRekabi, amadodana kaRimoni waseBeyeroti wabantwana bakwaBenjamini, ngokuba iBeyeroti libalelwa kuBenjamini.

2 Usamuweli 4