2 Usamuweli 3:28-37 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

28. Esekuzwa lokho ngasemuva uDavide wathi: “Mina nombuso wami asinacala phambi kukaJehova kuze kube phakade ngegazi lika-Abineri indodana kaNeri;

29. maliwele ekhanda likaJowabe nakuyo yonke indlu kayise. Makungaphuthi endlini kaJowabe ukuba kube khona ocucuzayo, nonochoko, nozimelelayo ngodondolo, nowayo ngenkemba, noswele isinkwa.”

30. OJowabe no-Abishayi umfowabo base bembulele u-Abineri, ngokuba wayebulele umfowabo u-Asaheli eGibeyoni empini.

31. UDavide wathi kuJowabe nakubantu bonke ababe naye: “Klebhulani izingubo zenu, nibhince indwangu yamasaka, nilile phambi kuka-Abineri.” Inkosi uDavide yalandela uhlaka.

32. Bammbela u-Abineri eHebroni; inkosi yadazuluka, yakhala ngasethuneni lika-Abineri; nabantu bonke bakhala.

33. Inkosi yamlilela u-Abineri, yathi:“Afe u-Abineri njengokufa kwesiwula na?

34. Izandla zakho zazingaboshiwe,nezinyawo zakho zazingafakwanga emaketangeni;wawa njengomuntu owayo phambi kwabantu ababi.”Bonke abantu baphinda bemkhalela.

35. Bonke abantu bafika ukuba bamdlise uDavide isinkwa kusesemini; kepha uDavide wafunga wathi: “Makenze njalo kimi uNkulunkulu, enezele futhi, uma ngidla isinkwa noma okunye lingakashoni ilanga.”

36. Bonke abantu bakubona, kwaba kuhle emehlweni abo, njengalokho konke eyakwenza inkosi kwaba kuhle emehlweni abantu bonke.

37. Base beqonda bonke abantu naye wonke u-Israyeli ngalolo suku ukuthi kwakungesikho okwenkosi ukubulala u-Abineri indodana kaNeri.

2 Usamuweli 3