11. Wayengenakumphendula u-Abineri ngezwi futhi, ngokuba wayemesaba.
12. U-Abineri wayesethuma izithunywa kuDavide esikhundleni sakhe ngokuthi: “Ngelikabani izwe na?” ethi futhi: “Yenza isivumelwano nami; bheka, isandla sami siyakuba nawe ukubuyisela kuwe wonke u-Israyeli.”
13. Wathi: “Kuhle; ngiyakwenza isivumelwano nawe, kepha yinto inye engiyifuna kuwe, ngeyokuthi awuyikubona ubuso bami, uma ungalethi kuqala phambi kwami uMikhali indodakazi kaSawule, lapho uzayo ukubona ubuso bami.”
14. UDavide wayesethuma izithunywa ku-Ishi Bosheti indodana kaSawule, ethi: “Nginike umkami uMikhali engammiselwa ngamajwabu ayikhulu amaFilisti.”
15. Wayesethumela u-Ishi Bosheti, wamthatha endodeni yakhe uPalitiyeli indodana kaLayishi.
16. Indoda yakhe yahamba naye, ikhala isahamba, yamlandela kwaze kwaba seBahurimi. U-Abineri wayesethi kuyo: “Buya.” Yabuya-ke.
17. U-Abineri waba nezwi namalunga akwa-Israyeli, ethi: “Ngezikhathi ezidlulileyo nafuna uDavide abe yinkosi phezu kwenu;
18. kwenzeni lokho manje, ngokuba uJehova ukhulumile ngoDavide ukuthi: ‘Ngesandla senceku yami uDavide ngiyakusindisa abantu bami u-Israyeli esandleni samaFilisti nasesandleni sazo zonke izitha zabo.’ ”
19. U-Abineri wakhuluma futhi ezindlebeni zakwaBenjamini; u-Abineri waya futhi ukukhuluma ezindlebeni zikaDavide eHebroni konke okwakukuhle ku-Israyeli nakuyo yonke indlu yakwaBenjamini.
20. Wayesefika u-Abineri kuDavide eHebroni nabantu abangamashumi amabili bekanye naye. UDavide wamenzela u-Abineri nabantu ababe naye idili.
21. U-Abineri wayesethi kuDavide: “Ngiyakusuka ngihambe ngiqoqele wonke u-Israyeli enkosini yami, inkosi, ukuba benze isivumelwano nawe nokuba ubuse phezu kwakho konke ekufisayo inhliziyo yakho.” UDavide wammukisa u-Abineri, wahamba ngokuthula.
22. Bheka, izinceku zikaDavide nezikaJowabe zabuya eviyweni, zaletha impango enkulu; kepha u-Abineri wayengekho kuDavide eHebroni, ngokuba wayemmukisile, wahamba ngokuthula.
23. Esefikile uJowabe nempi yonke eyayinaye, bamtshela uJowabe ukuthi: “U-Abineri indodana kaNeri wafika enkosini; immukisile, wahamba ngokuthula.”
24. UJowabe wayeseya enkosini, wathi: “Wenzeni na? Bheka, u-Abineri wafika kuwe; ummukiseleni wahamba nokuhamba na?
25. Uyamazi u-Abineri indodana kaNeri ukuthi wafika ukukukhohlisa nokwazi ukuphuma kwakho nokungena kwakho, nokwazi konke okwenzayo.”
26. UJowabe esephumile kuDavide wathuma izithunywa ukulandela u-Abineri, zambuyisa emthonjeni waseSira, kepha uDavide wayengakwazi lokho.
27. U-Abineri esebuyele eHebroni, uJowabe wamchezukisela phakathi kwesango ukuba akhulume naye bebodwa, wamgwaza lapho esiswini waze wafa ngenxa yegazi lika-Asaheli umfowabo.
28. Esekuzwa lokho ngasemuva uDavide wathi: “Mina nombuso wami asinacala phambi kukaJehova kuze kube phakade ngegazi lika-Abineri indodana kaNeri;
29. maliwele ekhanda likaJowabe nakuyo yonke indlu kayise. Makungaphuthi endlini kaJowabe ukuba kube khona ocucuzayo, nonochoko, nozimelelayo ngodondolo, nowayo ngenkemba, noswele isinkwa.”