2 Usamuweli 24:8-12 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

8. Sebedabule izwe lonke bafika eJerusalema ngasekupheleni kwezinyanga eziyisishiyagalolunye nezinsuku ezingamashumi amabili.

9. UJowabe wayesenika inkosi umumo wabantu ababaliweyo; kwaba khona kwa-Israyeli amadoda anamandla ayizinkulungwane ezingamakhulu ayisishiyagalombili ahloma inkemba; amadoda akwaJuda ayeyizinkulungwane ezingamakhulu ayisihlanu.

10. UDavide wahlabeka enhliziyweni emva kokuba esebabalile abantu. UDavide wathi kuJehova: “Ngonile kakhulu ngalokho engikwenzileyo; kepha manje, Jehova, mawuthethelele ububi benceku yakho, ngokuba ngintumazele kakhulu.”

11. Wathi ukuba uDavide avuke ekuseni, kwafika izwi likaJehova kumprofethi uGadi umboni kaDavide lokuthi:

12. “Hamba ukhulume kuDavide ngokuthi: ‘UJehova usho kanje, uthi: Ngiyakubekela izinto ezintathu; khetha enye kuzo ukuba ngikwenzele yona.’ ”

2 Usamuweli 24