13. UGadi wayesefika kuDavide, wamtshela, wathi kuye: “Kufike kuwe yini iminyaka eyisikhombisa yendlala ezweni lakini, noma ubalekele izitha zakho izinyanga ezintathu zisakuxosha, noma kube khona izinsuku ezintathu zesifo ezweni lakini na? Manje cabanga, ubone ukuthi yiliphi izwi engiyakulibuyisela kongithumileyo.”
14. Wayesethi uDavide kuGadi: “Nginosizi kakhulu; masiwele esandleni sikaJehova, ngokuba umusa wakhe mkhulu; kepha esandleni somuntu mangingaweli kuso.”
15. UJehova wayesethuma isifo phezu kuka-Israyeli kusukela ekuseni kuze kube sesikhathini esinqunyiweyo; kwafa abantu abayizinkulungwane ezingamashumi ayisikhombisa kusukela kwaDani kuze kube seBeri Sheba.
16. Lapho ingelosi yelula isandla sayo kulo iJerusalema ukulichitha, uJehova wazisola ngalobo bubi, wathi engelosini eyachitha abantu: “Sekwanele; buyisa isandla sakho.” Ingelosi kaJehova yayisesibuyeni sika-Arawuna umJebusi.
17. UDavide wathi kuJehova, lapho eyibona ingelosi eyayibabulala abantu: “Bheka, mina ngonile, ngenzile okubi; kepha lezi zimvu zenzeni na? Isandla sakho masibe phezu kwami naphezu kwendlu kababa.”
18. UGadi wafika ngalolo suku kuDavide, wathi kuye: “Yenyuka, ummisele uJehova i-altare esibuyeni sika-Arawuna umJebusi.”
19. UDavide wenyuka njengokusho kukaGadi nanjengokuyala kukaJehova.
20. U-Arawuna walunguza, wabona inkosi nezinceku zayo beza kuye; u-Arawuna waphuma, wakhothama phambi kwenkosi, ubuso bakhe bubheke phansi.
21. Wathi u-Arawuna: “Kungani ukuba inkosi yami, inkosi, ifikile encekwini yayo na?”UDavide wathi: “Ukuba ngithenge kuwe isibuya, ngimakhele uJehova i-altare, ukuze lesi sifo sinqamuke kubantu.”
22. Wayesethi u-Arawuna kuDavide: “Inkosi yami, inkosi, mayithathe, inikele ngokuhle emehlweni ayo; bheka, nazi izinkabi zomnikelo wokushiswa, nezibhulo, nezinto zokubophela izinkabi zibe yizinkuni;
23. konke, nkosi, u-Arawuna uyakunika inkosi.” U-Arawuna wayesethi enkosini: “UJehova uNkulunkulu wakho makakwamukele.”
24. Inkosi yathi ku-Arawuna: “Qha, ngiyakukuthenga nokukuthenga ngenani elithile; angiyikunikela ngeminikelo yokushiswa kuJehova uNkulunkulu wami engeyesihle.” UDavide wayesethenga isibuya nezinkabi ngamashekeli* angamashumi ayisihlanu esiliva.
25. UDavide wamakhela khona uJehova i-altare, wanikela ngeminikelo yokushiswa nangeminikelo yokuthula. UJehova wancengwa ngenxa yezwe, isifo sanqamuka kwa-Israyeli.