2 Usamuweli 23:1-7 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

1. Lawa angamazwi okugcina kaDavide.“UDavide indodana kaJese uthi,umuntu owaphakanyiselwa phezulu uthi,ogcotshiweyo kaNkulunkulu kaJakobenomhlabeleli omnandi wakwa-Israyeli usho ukuthi:

2. “UMoya kaJehova wakhuluma ngami;izwi lakhe lalisolimini lwami.

3. UNkulunkulu ka-Israyeli wathi,iDwala lika-Israyeli lakhuluma kimi ukuthi:‘Obusa abantu ngokulunga,abuse ngokumesaba uNkulunkulu,

4. unjengokukhanya kwasekuseniekuphumeni kwelanga,isasa elingenamafu,lapho kuvela ekukhanyeni uhlazaemhlabathini emva kwemvula.’

5. “Ayinjalo indlu yami kuNkulunkuluna?Ngokuba wenzile nami isivumelwano esiphakade;sihleliwe ezintweni zonke, sigcinekile,ngokuba yonke insindiso yami nokwenama kwamiakayikukuhlumisa na?

6. Kepha onke amashinga ayakubanjengameva alahlwayo,ngokuba angephathwe ngesandla.

7. Kodwa umuntu owathintayowohlonyiswa ngensimbi nangothi lomkhonto,aze ashiswe nokushiswa ngomlilo kuleyo ndawo.”

2 Usamuweli 23