2 Usamuweli 21:5-10 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

5. Bathi enkosini: “Umuntu owasibulalayo waceba ngathi ukuba sichithwe singasali phakathi kwemikhawulo yakwa-Israyeli,

6. masinikwe abantu abayisikhombisa bamadodana akhe, sibaphanyeke kuJehova eGibeya likaSawule, okhethiweyo kaJehova.”Inkosi yathi: “Ngiyakuninika bona.”

7. Kepha inkosi yamyeka uMefibosheti indodana kaJonathani kaSawule ngenxa yesifungo sikaJehova esasiphakathi kwabo, phakathi kukaDavide noJonathani indodana kaSawule.

8. Kepha inkosi yathatha amadodana kaRispa indodakazi ka-Aya ayewazalele uSawule, o-Arimoni noMefibosheti; namadodana ayisihlanu kaMikhali indodakazi kaSawule ayewazalele u-Adriyeli indodana kaBarizilayi umMeholati;

9. wabanikela ezandleni zabaseGibeyoni, babaphanyeka entabeni phambi kukaJehova, bawa labo abayisikhombisa kanyekanye; babulawa ngesikhathi sokuvuna ezinsukwini zokuqala ngasekuqaleni kokuvunwa kwebhali.*

10. URispa indodakazi ka-Aya wathatha indwangu yamasaka, wazendlalela yona edwaleni, kusukela ekuqaleni kokuvuna kuze kuthelwe phezu kwabo amanzi asezulwini; akavumelanga izinyoni zezulu ukuba zihlale phezu kwabo emini, nezilwane zasendle ebusuku.

2 Usamuweli 21