11. Kwema ngakuye enye yezinsizwa zikaJowabe, yathi: “Omthanda uJowabe nongokaDavide mabamlandele uJowabe.”
12. U-Amasa wahuquzela egazini lakhe phakathi nomendo. Lapho lo muntu ebona ukuthi bonke abantu bema, wamgudluza u-Amasa emendweni, wamyisa ensimini, waphonsa ingubo phezu kwakhe, lapho ebona ukuthi bonke abadlula ngakuye bema.
13. Esesusiwe emendweni, abantu bonke badlula bamlandela uJowabe ukuba bamxoshe uSheba indodana kaBikri.