37. Mayibuyele emuva inceku yakho ukuba ngifele emzini wami ngasethuneni likababa nelikamame. Kepha bheka, inceku yakho uKimihamu mayiwele nenkosi yami, inkosi, wenze kuyo okuhle emehlweni akho.”
38. Inkosi yathi: “UKimihamu angawela nami, mina ngenze kuye okuhle emehlweni akho; konke okufunayo kimi ngiyakukwenzela khona.”
39. Bonke abantu bawela iJordani, nenkosi yawela; inkosi yamanga uBarizilayi, yambusisa; wabuyela endaweni yakhe.
40. Yayisiwela inkosi, yaya eGiligali, noKimihamu wawela nayo; bonke abantu bakwaJuda bayiwelisa inkosi kanye nenxenye yabantu bakwa-Israyeli.