2 Usamuweli 19:24-36 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

24. Naye uMefibosheti indodana kaSawule wehla ukuhlangabeza inkosi; wayengalungisanga izinyawo zakhe, engalungisanga nesilevu sakhe, engahlanzanga futhi izingubo zakhe, kwasukela osukwini inkosi eyamuka ngalo kwaze kwaba lusuku owabuya ngalo ngokuthula.

25. Kwathi esefike eJerusalema ukuyihlangabeza inkosi, inkosi yathi kuye: “Awuhambanga ngani nami, Mefibosheti, na?”

26. Wathi: “Nkosi yami, nkosi, inceku yami yangikhohlisa, ngokuba inceku yakho yathi: ‘Ngiyakuzibophelela imbongolo ukuba ngiyikhwele, ngihambe nenkosi, ngokuba inceku yakho ilunyonga.’

27. Ihlebile inceku yakho enkosini yami, inkosi, kepha inkosi yami, inkosi, injengengelosi kaNkulunkulu; ngalokho yenza okuhle emehlweni akho.

28. Ngokuba yonke indlu kababa yayinjengabantu abafileyo phambi kwenkosi yami, inkosi; kepha wayibeka inceku yakho phakathi kwabadla etafuleni lakho. Ngisenalungelo lini ukuba ngibuye ngikhale enkosini na?”

29. Inkosi yathi kuye: “Usakhulumelani ngezindaba zakho na? Ngithi: Wena noSiba, yahlukaniselani izwe.”

30. Wayesethi uMefibosheti enkosini: “Makathathe konke, njengokuba inkosi yami, inkosi, isibuyele endlini yayo ngokuthula.”

31. UBarizilayi wakwaGileyadi wehla eRogelimi; wawela iJordani kanye nenkosi ukuyiwelisa iJordani.

32. UBarizilayi wayengumuntu omdala kakhulu, eneminyaka engamashumi ayisishiyagalombili; wayekade eyipha inkosi ukudla isahlezi eMahanayimi, ngokuba wayengumuntu omkhulu kakhulu.

33. Inkosi yathi kuBarizilayi: “Wela nami wena, ngikondle kanye nami eJerusalema.”

34. Wayesethi uBarizilayi enkosini: “Zingaki izinsuku zeminyaka yokuhamba kwami ukuba ngenyukele eJerusalema nenkosi na?

35. Namuhla ngineminyaka engamashumi ayisihiyagalombili; ngingahlukanisa okuhle nokubi yini? Inceku yakho ingezwa ekudlayo nekuphuzayo na? Ngingabe ngisalizwa izwi lamadoda ahlabelelayo nabesifazane abahlabelelayo na? Inceku yakho isezakuba ngumthwalo wenkosi yami, inkosi, ngani na?

36. Inceku yakho iyakusimze iwele nje iJordani nenkosi; pho, inkosi iyakungivuzelani ngomvuzo ongaka na?

2 Usamuweli 19