2 Usamuweli 18:29-32 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

29. Inkosi yathi: “Isahlezi kahle insizwa u-Abisalomu na?”U-Ahimahasi wathi: “Ngabona isixuku sabantu, lapho uJowabe inceku yenkosi ethuma inceku yakho, kepha angazanga ukuthi kuyini.”

30. Inkosi yathi: “Gudluka, ume lapho.” Wagudluka, wema.

31. Bheka, wayesefika umKushe; umKushe wathi: “Ngumbiko, nkosi yami, nkosi, ngokuba uJehova ukuphindisele namuhla kubo bonke abakuvukelayo.”

32. Inkosi yathi kumKushe: “Isahlezi kahle insizwa u-Abisalomu na?”UmKushe wathi: “Izitha zenkosi yami, inkosi, nabo bonke abakuvukelayo ukukulimaza mababe njengaleyo nsizwa.”

2 Usamuweli 18