1. UJowabe indodana kaSeruya wayeseqonda ukuthi inhliziyo yenkosi iku-Abisalomu.
2. UJowabe wayesethumela eThekhowa, walanda khona owesifazane ohlakaniphileyo, wathi kuye: “Ake uzishaye olilayo, ugqoke izingubo zokulila, ungazigcobi ngamafutha, kepha ube njengowesifazane oselilele ofileyo izinsuku eziningi,
3. ungene enkosini, ukhulume kuyo ngalendlela.” UJowabe wayesemfunza amazwi emlonyeni wakhe.